Ujobe 6:26-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Nicabanga yini ukusola amazwi,lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?

27. Yebo, nenza inkatho ngentandane,nithengisa ngomngane wenu.

28. Manje, qalani ukungibuka;kuyakuba sobala,uma ngiqamba amanga.

29. Ake niphenduke,kungabikho ukungalungi,nibuye niphenduke;indaba yami ilungile.

30. Kukhona ukungalungi olimini lwami yini,ulwanga lwami alunakuqonda okubi na?

Ujobe 6