15. Abafowethu bambuluzile njengomfula,njengemithonjana yemifula eshayo,
16. emnyama ngeqhwa,lapho ungqoqwane ezisitheza khona,
17. kepha ngesikhathi sokufudumala inyamalale,ishe endaweni yayo, lapho libalele.
18. Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka,benyukela oqwathuleni, babhubhe.
19. Izihambi zakwaThema zabheka;izindwendwe zakwaSheba zazihlalela.
20. Zajabha, ngokuba zazibhekile;sezifike khona zadana.
21. Ngokuba kalokhu seniyize nje;nibona okwesabisayo niyesaba.
22. Ngasho yini ukuthi: ‘Ngipheni,ninginike isipho empahleni yenu,’ na?
23. noma: ‘Ngikhululeni esandleni sesitha,ningihlenge esandleni sezidlova,’ na?
24. “Ngifundiseni, khona ngiyakuthula mina,ningiqondise lapho ngiduke khona.
25. Ukukhuluma okuqotho kunamandla,kepha ukusolwa nokusolwa yinina kusizani na?
26. Nicabanga yini ukusola amazwi,lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?
27. Yebo, nenza inkatho ngentandane,nithengisa ngomngane wenu.
28. Manje, qalani ukungibuka;kuyakuba sobala,uma ngiqamba amanga.
29. Ake niphenduke,kungabikho ukungalungi,nibuye niphenduke;indaba yami ilungile.