15. Abafowethu bambuluzile njengomfula,njengemithonjana yemifula eshayo,
16. emnyama ngeqhwa,lapho ungqoqwane ezisitheza khona,
17. kepha ngesikhathi sokufudumala inyamalale,ishe endaweni yayo, lapho libalele.
18. Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka,benyukela oqwathuleni, babhubhe.
19. Izihambi zakwaThema zabheka;izindwendwe zakwaSheba zazihlalela.