Ujobe 6:11-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ayini amandla ami ukuba ngingaze ngethembe na?Ukuphela kwami kuyini ukuba ngingaze ngibekezele na?

12. Pho, amandla ami angamandla amatshe yini?Inyama yami iyithusi na?

13. Akusikho yini ukuthi alukho usizo kimi;ukusindiswa kususwa kimi.

14. “Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.

15. Abafowethu bambuluzile njengomfula,njengemithonjana yemifula eshayo,

16. emnyama ngeqhwa,lapho ungqoqwane ezisitheza khona,

17. kepha ngesikhathi sokufudumala inyamalale,ishe endaweni yayo, lapho libalele.

18. Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka,benyukela oqwathuleni, babhubhe.

19. Izihambi zakwaThema zabheka;izindwendwe zakwaSheba zazihlalela.

20. Zajabha, ngokuba zazibhekile;sezifike khona zadana.

21. Ngokuba kalokhu seniyize nje;nibona okwesabisayo niyesaba.

Ujobe 6