1. Wayesephendula uJobe ethi:
2. “Sengathi ukuncokolozwa kwamingabe kulinganiswe nokulinganiswa,inhlupheko yami ibekwe esilinganisweni kanyekanye.
3. Ngokuba manje iyasinda kunesihlabathi solwandle;ngalokho amazwi ami ayengukubheda.
4. Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi;isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami;izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.
5. Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na?Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?