Ujobe 6:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesephendula uJobe ethi:

2. “Sengathi ukuncokolozwa kwamingabe kulinganiswe nokulinganiswa,inhlupheko yami ibekwe esilinganisweni kanyekanye.

3. Ngokuba manje iyasinda kunesihlabathi solwandle;ngalokho amazwi ami ayengukubheda.

4. Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi;isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami;izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.

5. Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na?Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?

Ujobe 6