Ujobe 6:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesephendula uJobe ethi:

2. “Sengathi ukuncokolozwa kwamingabe kulinganiswe nokulinganiswa,inhlupheko yami ibekwe esilinganisweni kanyekanye.

3. Ngokuba manje iyasinda kunesihlabathi solwandle;ngalokho amazwi ami ayengukubheda.

4. Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi;isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami;izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.

5. Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na?Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?

6. Okudumayo kungadliwa ngaphandle kukasawoti na?Kukhona ukuklwabusa kokumhlophe kweqanda na?

7. Umphefumulo wami uyala ukukuthinta,kungukudla okunengekayo kimi.

8. “Sengathi isicelo sami singenziwa,uNkulunkulu angiphe lokhu engikubhekayo.

9. Yebo, sengathi uNkulunkulu angangichoboza,athukulule isandla sakhe, anginqume.

10. Lokho ngakube kuhlale kube yinduduzo yami,yebo, ngabe ngijabule ebuhlungwini obungahawukeliyoukuthi angigodlanga amazwi oNgcwele.

11. Ayini amandla ami ukuba ngingaze ngethembe na?Ukuphela kwami kuyini ukuba ngingaze ngibekezele na?

12. Pho, amandla ami angamandla amatshe yini?Inyama yami iyithusi na?

Ujobe 6