5. abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo,bakukhipha nasemeveni;abanxanelayo basezela impahla yabo.
6. Ngokuba usizi aluveli othulini,nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,
7. ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka,njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.
8. “Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu;kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,
9. yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo,izimangaliso ezingenakubalwa,
10. yena onisa imvula emhlabeni,athume amanzi ebusweni bamasimu,
11. ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyobaphakanyiselwe ukusindiswa.
12. Uyachitha amacebo abanobuqili,ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.
13. Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo;isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.
14. Emini bahlangana nobumnyama,baphumputha emini njengasebusuku.
15. Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo,yebo, abampofu esandleni sonamandla.
16. Ompofu usenethemba;ububi buvala umlomo wabo.
17. “Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo;ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.