22. Uyakuhleka incithakalo nendlala,nezilo zomhlaba awuyikuzesaba.
23. Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle;izilo zasendle zihlalisana kahle nawe.
24. Uyakwazi ukuthi itende lakho linokuthula;uyakuhambela indlu yakho,awuyikusilalelwa lutho.
25. Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu,abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.