Ujobe 5:19-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha;yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.

20. Endlaleni uyakukuhlenga ekufeninasempini emandleni enkemba.

21. Uyakufihlwa enkalivasini* yolimi;awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.

22. Uyakuhleka incithakalo nendlala,nezilo zomhlaba awuyikuzesaba.

23. Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle;izilo zasendle zihlalisana kahle nawe.

24. Uyakwazi ukuthi itende lakho linokuthula;uyakuhambela indlu yakho,awuyikusilalelwa lutho.

25. Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu,abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.

26. Uyakufika ethuneni usuthi ngobudalanjengeqhinqa lamabele ngesikhathi salo.

27. Bheka, lokho sikuphenyile; kunjalo;kuzwe, uzazele khona.”

Ujobe 5