Ujobe 5:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na?Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?

2. Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka,nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.

3. Mina ngibonile isiwula sigxilile,kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.

4. Abantwana baso bakude nokusindiswa,bachotshozwa esangweni;akakho obophulayo,

5. abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo,bakukhipha nasemeveni;abanxanelayo basezela impahla yabo.

6. Ngokuba usizi aluveli othulini,nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,

7. ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka,njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.

8. “Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu;kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,

9. yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo,izimangaliso ezingenakubalwa,

10. yena onisa imvula emhlabeni,athume amanzi ebusweni bamasimu,

11. ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyobaphakanyiselwe ukusindiswa.

12. Uyachitha amacebo abanobuqili,ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.

Ujobe 5