Ujobe 5:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na?Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?

2. Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka,nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.

3. Mina ngibonile isiwula sigxilile,kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.

4. Abantwana baso bakude nokusindiswa,bachotshozwa esangweni;akakho obophulayo,

5. abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo,bakukhipha nasemeveni;abanxanelayo basezela impahla yabo.

6. Ngokuba usizi aluveli othulini,nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,

7. ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka,njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.

8. “Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu;kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,

9. yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo,izimangaliso ezingenakubalwa,

10. yena onisa imvula emhlabeni,athume amanzi ebusweni bamasimu,

Ujobe 5