1. “Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na?Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?
2. Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka,nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.
3. Mina ngibonile isiwula sigxilile,kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.
4. Abantwana baso bakude nokusindiswa,bachotshozwa esangweni;akakho obophulayo,
5. abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo,bakukhipha nasemeveni;abanxanelayo basezela impahla yabo.
6. Ngokuba usizi aluveli othulini,nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,
7. ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka,njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.
8. “Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu;kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,
9. yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo,izimangaliso ezingenakubalwa,
10. yena onisa imvula emhlabeni,athume amanzi ebusweni bamasimu,