Ujobe 42:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Wayenamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.

14. Wabiza igama leyokuqala ngokuthi uJemima, negama leyesibili ngokuthi uKesiya, negama leyesithathu ngokuthi uKereni Haphuki.

15. Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.

16. Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine.

17. Wafa-ke uJobe esemdala, esanelisiwe yizinsuku.

Ujobe 42