Ujobe 42:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJobe wayesemphendula uJehova, wathi:

2. “Ngiyazi ukuthi ungenza konke;alinakuvinjwa icebo lakho.

3. Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na?Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga,izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.

4. “Ake ungizwe, kukhulume mina;ngiyakukubuza, wena ungazise.

5. Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe,kepha manje iso lami liyakubona.

6. Ngalokho ngiyazinenga,ngizisole othulini nasemlotheni.”

7. Kwathi lapho uJehova esekhulumile lawo mazwi kuJobe, uJehova wathi ku-Elifazi umThemani: “Intukuthelo yami iyavuthela wena nabangane bakho ababili, ngokuba anikhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.

8. Ngalokho zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele ngazo zibe ngumnikelo wokushiswa; uJobe inceku yami uyakunikhulekela, ngokuba uma ngivuma ubuso bakhe, angiyikwenza kini njengobuwula benu, lokhu ningakhulumanga okulungileyo ngami njengenceku yami uJobe.”

Ujobe 42