1. UJobe wayesemphendula uJehova, wathi:
2. “Ngiyazi ukuthi ungenza konke;alinakuvinjwa icebo lakho.
3. Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na?Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga,izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.
4. “Ake ungizwe, kukhulume mina;ngiyakukubuza, wena ungazise.
5. Ngangizwile ngawe ngokuzwa kwezindlebe,kepha manje iso lami liyakubona.
6. Ngalokho ngiyazinenga,ngizisole othulini nasemlotheni.”