Ujobe 41:3-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe,akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?

4. Uyakwenza isivumelwano naweukuba umthathe abe yinceku kuze kube phakade na?

5. Ungadlala naye njengenyoni,umbophele amantombazana akho, na?

6. Abathengi bangathengiselana ngaye,bamahlukanise phakathi kwabahwebi, na?

7. Ungagcwalisa isikhumba sakhe ngezinhlendla,nekhanda lakhe ngamathatha ezinhlanzi, na?

8. Beka isandla sakho kuye;khumbula ukulwa;awusayikukuphinda.

9. Bheka, ithemba lakho liyakhohlisa;nangokumbona nje uyawiswa phansi.

10. Akakho onesibindi sokumvusa.Ngubani, pho, ongema phambi kwami na?

11. Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na?Konke okuphansi kwezulu kungokwami.

12. “Angiyikuthula ngezitho zakhe,nangendaba yamandla akhe,nangesimo sakhe esihle.

13. Ngubani ongakhumula isambatho sakhe esingaphandle;ngubani ongangena phakathi kwemihlathi yakhe emibili na?

14. Izicabha zobuso bakhe ngubani ongazivula na?Amazinyo akhe ayesabeka nxazonke.

Ujobe 41