Ujobe 41:27-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Insimbi uyishaya utshani,nethusi ibunga.

28. Umcibisholo awunakumxosha;amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.

29. Izagila uzishaya amabibi;uyahleka ukugunquza kwengcula.

30. Ingaphansi lakhe linjengezindengezi ezibukhali;uyenaba njengesibhuqo odakeni.

31. Wenza inzulu ibile njengekhanzi;wenza ulwandle lufane nomfuma wamafutha.

32. Wenza umgudu ukhazimule emva kwakhe;kungathi utwa lungwevu.

33. Emhlabeni akukho okufana nayeowenziwa abe ngongesabiyo.

Ujobe 41