21. Ukuphefumula kwakhe kokhela amalahle,nelangabi liphuma emlonyeni wakhe.
22. Entanyeni yakhe kuhlala amandla,nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.
23. Amanya enyama yakhe anamathelene;abunjiwe kuye, awanakususwa.
24. Inhliziyo yakhe iqinile njengetshe,yebo, iqinile njengetshe lokusila elingaphansi.
25. Ekuvukeni kwakhe abanamandla bayesaba;ngenxa yevuso baphela amandla.
26. Noma inkemba ifinyelela kuye, ayinakusiza,noma umkhonto nomcibisholo nengcula.
27. Insimbi uyishaya utshani,nethusi ibunga.
28. Umcibisholo awunakumxosha;amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.
29. Izagila uzishaya amabibi;uyahleka ukugunquza kwengcula.
30. Ingaphansi lakhe linjengezindengezi ezibukhali;uyenaba njengesibhuqo odakeni.