Ujobe 41:20-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Emakhaleni akhe kuphuma umusi njengasesocweni esibilayonasemihlangeni eshayo.

21. Ukuphefumula kwakhe kokhela amalahle,nelangabi liphuma emlonyeni wakhe.

22. Entanyeni yakhe kuhlala amandla,nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.

23. Amanya enyama yakhe anamathelene;abunjiwe kuye, awanakususwa.

24. Inhliziyo yakhe iqinile njengetshe,yebo, iqinile njengetshe lokusila elingaphansi.

25. Ekuvukeni kwakhe abanamandla bayesaba;ngenxa yevuso baphela amandla.

26. Noma inkemba ifinyelela kuye, ayinakusiza,noma umkhonto nomcibisholo nengcula.

27. Insimbi uyishaya utshani,nethusi ibunga.

28. Umcibisholo awunakumxosha;amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.

29. Izagila uzishaya amabibi;uyahleka ukugunquza kwengcula.

30. Ingaphansi lakhe linjengezindengezi ezibukhali;uyenaba njengesibhuqo odakeni.

Ujobe 41