14. Izicabha zobuso bakhe ngubani ongazivula na?Amazinyo akhe ayesabeka nxazonke.
15. Umhlane wakhe uyizinhla zezihlangu;zinamathelisiwe njengangophawu.
16. Zisondelene esinye kwesinye,kungangeni moya phakathi kwazo.
17. Zinamathelene;zibambelene, azinakwahlukaniswa.
18. Ukuthimula kwakhe kubengezela ngokukhanya;amehlo akhe anjengezinkophe zokusa.
19. Emlonyeni wakhe kuphuma izihlanti,nezinhlansi zomlilo ziyaqhasha.
20. Emakhaleni akhe kuphuma umusi njengasesocweni esibilayonasemihlangeni eshayo.
21. Ukuphefumula kwakhe kokhela amalahle,nelangabi liphuma emlonyeni wakhe.
22. Entanyeni yakhe kuhlala amandla,nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.
23. Amanya enyama yakhe anamathelene;abunjiwe kuye, awanakususwa.
24. Inhliziyo yakhe iqinile njengetshe,yebo, iqinile njengetshe lokusila elingaphansi.
25. Ekuvukeni kwakhe abanamandla bayesaba;ngenxa yevuso baphela amandla.