Ujobe 41:11-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na?Konke okuphansi kwezulu kungokwami.

12. “Angiyikuthula ngezitho zakhe,nangendaba yamandla akhe,nangesimo sakhe esihle.

13. Ngubani ongakhumula isambatho sakhe esingaphandle;ngubani ongangena phakathi kwemihlathi yakhe emibili na?

14. Izicabha zobuso bakhe ngubani ongazivula na?Amazinyo akhe ayesabeka nxazonke.

15. Umhlane wakhe uyizinhla zezihlangu;zinamathelisiwe njengangophawu.

16. Zisondelene esinye kwesinye,kungangeni moya phakathi kwazo.

17. Zinamathelene;zibambelene, azinakwahlukaniswa.

18. Ukuthimula kwakhe kubengezela ngokukhanya;amehlo akhe anjengezinkophe zokusa.

19. Emlonyeni wakhe kuphuma izihlanti,nezinhlansi zomlilo ziyaqhasha.

20. Emakhaleni akhe kuphuma umusi njengasesocweni esibilayonasemihlangeni eshayo.

21. Ukuphefumula kwakhe kokhela amalahle,nelangabi liphuma emlonyeni wakhe.

22. Entanyeni yakhe kuhlala amandla,nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.

23. Amanya enyama yakhe anamathelene;abunjiwe kuye, awanakususwa.

Ujobe 41