1. “Ungakhipha uLeviyathani* ngodobo,ucindezele phansi ulimi lwakhe ngentambo, na?
2. Ungafaka igoda lomhlanga ekhaleni lakhe,ubhoboze umhlathi wakhe ngodobo, na?
3. Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe,akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?
4. Uyakwenza isivumelwano naweukuba umthathe abe yinceku kuze kube phakade na?
5. Ungadlala naye njengenyoni,umbophele amantombazana akho, na?
6. Abathengi bangathengiselana ngaye,bamahlukanise phakathi kwabahwebi, na?
7. Ungagcwalisa isikhumba sakhe ngezinhlendla,nekhanda lakhe ngamathatha ezinhlanzi, na?
8. Beka isandla sakho kuye;khumbula ukulwa;awusayikukuphinda.
9. Bheka, ithemba lakho liyakhohlisa;nangokumbona nje uyawiswa phansi.
10. Akakho onesibindi sokumvusa.Ngubani, pho, ongema phambi kwami na?