3. UJobe wamphendula uJehova, wathi:
4. “Bheka, angiyinto yalutho;ngingakuphendula ngokuthini na?Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.
5. Ngikhulumile kanye,angisayikuphendula,yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”
6. UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7. “Bopha izinkalo zakho njengendoda;ngizakukubuza, wena ungazise.
8. Imbala uyachitha ukwahlulela kwami,ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?
9. Unengalo njengoNkulunkulu,ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?
10. Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama,wembathe udumo nenkazimulo.