Ujobe 40:19-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu;ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.

20. Izintaba ziyamvezela ukudla,lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.

21. Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunziekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini.

22. Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo;iminyezane yasemfuleni iyamphahla.

23. Bheka, noma kuphuphuma umfula, akethuki;uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.

24. Angabanjwa ebhekile,liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?

Ujobe 40