Ujobe 40:13-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Bafihle othulini kanyekanye,ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.

14. Khona ngiyakukudumisa namingokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.

15. “Ake ubheke uBehemoti* engamenza kanye nawe;uyadla utshani njengenkabi.

16. Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe,nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.

17. Uqinisa umsila wakhe njengomsedari;*imisipha yamathanga akhe yalukene.

18. Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi;izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.

19. Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu;ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.

20. Izintaba ziyamvezela ukudla,lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.

Ujobe 40