Ujobe 40:11-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho,ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.

12. Bheka bonke abaziphakamisayo,ubehlise phansi,unyathele ababi ezindaweni zabo.

13. Bafihle othulini kanyekanye,ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.

14. Khona ngiyakukudumisa namingokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.

15. “Ake ubheke uBehemoti* engamenza kanye nawe;uyadla utshani njengenkabi.

16. Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe,nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.

17. Uqinisa umsila wakhe njengomsedari;*imisipha yamathanga akhe yalukene.

18. Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi;izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.

19. Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu;ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.

20. Izintaba ziyamvezela ukudla,lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.

Ujobe 40