Ujobe 40:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:

2. “Osolayo uyakuphikisananoSomandla na?Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”

3. UJobe wamphendula uJehova, wathi:

4. “Bheka, angiyinto yalutho;ngingakuphendula ngokuthini na?Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.

5. Ngikhulumile kanye,angisayikuphendula,yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”

6. UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:

7. “Bopha izinkalo zakho njengendoda;ngizakukubuza, wena ungazise.

8. Imbala uyachitha ukwahlulela kwami,ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?

Ujobe 40