Ujobe 40:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:

2. “Osolayo uyakuphikisananoSomandla na?Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”

3. UJobe wamphendula uJehova, wathi:

4. “Bheka, angiyinto yalutho;ngingakuphendula ngokuthini na?Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.

5. Ngikhulumile kanye,angisayikuphendula,yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”

6. UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:

7. “Bopha izinkalo zakho njengendoda;ngizakukubuza, wena ungazise.

8. Imbala uyachitha ukwahlulela kwami,ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?

9. Unengalo njengoNkulunkulu,ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?

10. Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama,wembathe udumo nenkazimulo.

11. Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho,ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.

Ujobe 40