Ujobe 4:15-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Kwadlula umoya ebusweni bami;uboya bomzimba wami bavuka.

16. Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho;isimo sasiphambi kwamehlo ami;kwathula;ngase ngizwa izwi, lathi:

17. ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na?Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?

18. Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi,nezingelosi zakhe uyazibeka icala;

19. kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka,abazisekelo zabo zisothulini,abachotshozwa njengenundu.

20. Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa;babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.

21. Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo,bafe bengazelele, na?’

Ujobe 4