1. Wayesethatha u-Elifazi, umThemani, wathi:
2. “Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe,uyakukhathazeka na?Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na?
3. Bheka, uqondisile abaningi;uqinisile izandla ezibuthakathaka.
4. Amazwi akho amisile okhubekayo;usimamisile amadolo athuthumelayo.
5. “Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka;kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo.
6. Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini,nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?
7. Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na?Babhujiswaphi abalungileyo na?
8. Njengokubona kwami abalima okubibahlwanyele ukona, bayakuvuna.
9. Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu;ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.
10. Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela,namazinyo amabhongo ayaphuka.
11. Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango;amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.
12. “Kwanyenyiselwa kimi izwi,indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.