9. “Inyathi iyakuthanda ukukhonza,ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?
10. Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni,ibhuqe izigodi emva kwakho, na?
11. Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu,ushiye umshikashika wakho kuyo, na?
12. Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho,iyibuthele esibuyeni sakho, na?
13. “Amaphiko entshe ayaphaphaza,kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?
14. Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini,iwafudumeze othulini.
15. Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachobozanokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
16. Iphatha kalukhuni amazinyane ayo,kungathi awasiwo awayo;ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.
17. Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha,akayabelanga ukuqonda.
18. Lapho indizela phezulu,ihleka amahhashi nabagibeli bawo.
19. “Nguwe onika ihhashi amandla alo,wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?
20. Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na?Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.
21. Liyaphanda ezigodini,liyesasa ngamandla alo,liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
22. Liyahleka ingebhe, alesabi,alibuyi phambi kwenkemba.
23. Isambo siyalikhehlezelanomkhonto okhazimulayo, nengcula.