1. “Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo,uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na?
2. Ungazibala izinyanga eziziqedayo,uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na?
3. Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo,zikhiphe okwemihlelo yazo.
4. Amazinyane azo aqina,akhulela endle;ayahamba,angabe esabuyela kuzo futhi.
5. “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe;ngubani owathukulula izintambo zayo,
6. engenza ihlane libe yindlu yayo,nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?
7. Ihleka umsindo wedolobha,ingezwa ukumemeza komshayeli.
8. Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo:ifuna zonke izinto eziluhlaza.
9. “Inyathi iyakuthanda ukukhonza,ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?
10. Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni,ibhuqe izigodi emva kwakho, na?
11. Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu,ushiye umshikashika wakho kuyo, na?
12. Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho,iyibuthele esibuyeni sakho, na?
13. “Amaphiko entshe ayaphaphaza,kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?