9. lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo,nesigayegaye saba yimbeleko yalo,
10. nalapho ngalumisela umncele wami,ngamisa imigoqo nezicabha,
11. ngathi:‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli;lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?
12. “Emihleni yakho uyalile ukusa,wazisa umthende wokusa indawo yawo
13. ukuba ubambe amagumbi omhlaba,ababi bathintithwe kuwo, na?
14. Uguquka njengebumba lophawu lokunamathelisa;konke kuqhamuka kungathi kwembesiwe.
15. Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo,nengalo ephakemeyo yaphuliwe.
16. “Wake wangena emithonjeni yolwandle,wahamba phansi otweni, na?
17. Amasango okufa uwavulelwe,wabona amasango ethunzi lokufa, na?
18. Uqondile ububanzi bomhlaba na?Yisho, uma ukwazi konke.
19. “Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya,nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,
20. ukuze ukuyise emkhawulweni wakho,uqonde imikhondo yendlu yakho, na?