Ujobe 38:5-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngubani owanquma izilinganiso zawo,ngokuba uyakwazi phela!Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na?

6. Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na?Ngubani owabeka itshe lawo legumbi,

7. lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye,nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?

8. “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha,lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini,

9. lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo,nesigayegaye saba yimbeleko yalo,

10. nalapho ngalumisela umncele wami,ngamisa imigoqo nezicabha,

11. ngathi:‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli;lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?

12. “Emihleni yakho uyalile ukusa,wazisa umthende wokusa indawo yawo

13. ukuba ubambe amagumbi omhlaba,ababi bathintithwe kuwo, na?

14. Uguquka njengebumba lophawu lokunamathelisa;konke kuqhamuka kungathi kwembesiwe.

15. Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo,nengalo ephakemeyo yaphuliwe.

16. “Wake wangena emithonjeni yolwandle,wahamba phansi otweni, na?

Ujobe 38