Ujobe 38:4-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Wawukuphi,lapho ngasekela umhlaba, na?Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.

5. Ngubani owanquma izilinganiso zawo,ngokuba uyakwazi phela!Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na?

6. Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na?Ngubani owabeka itshe lawo legumbi,

7. lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye,nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?

8. “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha,lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini,

9. lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo,nesigayegaye saba yimbeleko yalo,

10. nalapho ngalumisela umncele wami,ngamisa imigoqo nezicabha,

11. ngathi:‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli;lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?

Ujobe 38