Ujobe 38:36-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?

37. Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,

38. lapho uthuli luphenduka isigaxa,namagabade anamathelane, na?

39. “Uyazingelela ibhubesikazi impango,usuthise iphango lamabhongo,

40. lapho elala emihumeni yawo,ehlezi esikhundleni eqamekele, na?

41. Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo,lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu,ezulazula ngokuswela ukudla, na?

Ujobe 38