Ujobe 38:29-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Iqhwa lavela esiswini sikabani,nesithwathwa sazalwa ngubani, na?

30. Amanzi ayacasha kungathi ayitshe;ubuso botwa buhlangene.

31. “Ungabopha amaketanga esiLimela,uthukulule izintambo zeMpambano, na?

32. Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo,uhole iBhere* nabantwana balo, na?

33. Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?

34. “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?

35. Ungathuma imibani ukuba ihambe,isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?

36. Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?

37. Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,

38. lapho uthuli luphenduka isigaxa,namagabade anamathelane, na?

39. “Uyazingelela ibhubesikazi impango,usuthise iphango lamabhongo,

40. lapho elala emihumeni yawo,ehlezi esikhundleni eqamekele, na?

41. Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo,lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu,ezulazula ngokuswela ukudla, na?

Ujobe 38