Ujobe 38:29-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Iqhwa lavela esiswini sikabani,nesithwathwa sazalwa ngubani, na?

30. Amanzi ayacasha kungathi ayitshe;ubuso botwa buhlangene.

31. “Ungabopha amaketanga esiLimela,uthukulule izintambo zeMpambano, na?

32. Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo,uhole iBhere* nabantwana balo, na?

33. Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?

34. “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?

35. Ungathuma imibani ukuba ihambe,isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?

36. Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?

37. Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,

38. lapho uthuli luphenduka isigaxa,namagabade anamathelane, na?

Ujobe 38