24. Iphi indlela eya lapho ukukhanyakwahlukaniselwa khona,nalapho umoya wasempumalangauhlakazekela khona emhlabeni, na?
25. Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi umselenonyazi lokuduma indlela,
26. ukunisa imvula emhlabenilapho kungekho muntu khona,nasehlane elingenamuntu,
27. ukusuthisa ihlane kwahlongasibi,nokuhlumisa uhlaza, na?
28. Kukhona uyise wemvula na?Ngubani owazala amathonsi amazolo na?
29. Iqhwa lavela esiswini sikabani,nesithwathwa sazalwa ngubani, na?
30. Amanzi ayacasha kungathi ayitshe;ubuso botwa buhlangene.
31. “Ungabopha amaketanga esiLimela,uthukulule izintambo zeMpambano, na?
32. Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo,uhole iBhere* nabantwana balo, na?
33. Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?
34. “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini,ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?
35. Ungathuma imibani ukuba ihambe,isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?
36. Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu,ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?
37. Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha,ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,
38. lapho uthuli luphenduka isigaxa,namagabade anamathelane, na?
39. “Uyazingelela ibhubesikazi impango,usuthise iphango lamabhongo,