19. “Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya,nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,
20. ukuze ukuyise emkhawulweni wakho,uqonde imikhondo yendlu yakho, na?
21. Angithi uyakwazi,ngokuba wawusuzelwe,nomumo wemihla yakho mkhulu, na?
22. “Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa,wabona izinqwaba zesichotho,
23. engiziqongelele isikhathi sokuhluphekanosuku lokulwa nolwempi, na?
24. Iphi indlela eya lapho ukukhanyakwahlukaniselwa khona,nalapho umoya wasempumalangauhlakazekela khona emhlabeni, na?
25. Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi umselenonyazi lokuduma indlela,
26. ukunisa imvula emhlabenilapho kungekho muntu khona,nasehlane elingenamuntu,
27. ukusuthisa ihlane kwahlongasibi,nokuhlumisa uhlaza, na?
28. Kukhona uyise wemvula na?Ngubani owazala amathonsi amazolo na?