Ujobe 38:17-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Amasango okufa uwavulelwe,wabona amasango ethunzi lokufa, na?

18. Uqondile ububanzi bomhlaba na?Yisho, uma ukwazi konke.

19. “Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya,nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,

20. ukuze ukuyise emkhawulweni wakho,uqonde imikhondo yendlu yakho, na?

21. Angithi uyakwazi,ngokuba wawusuzelwe,nomumo wemihla yakho mkhulu, na?

22. “Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa,wabona izinqwaba zesichotho,

23. engiziqongelele isikhathi sokuhluphekanosuku lokulwa nolwempi, na?

24. Iphi indlela eya lapho ukukhanyakwahlukaniselwa khona,nalapho umoya wasempumalangauhlakazekela khona emhlabeni, na?

25. Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi umselenonyazi lokuduma indlela,

26. ukunisa imvula emhlabenilapho kungekho muntu khona,nasehlane elingenamuntu,

27. ukusuthisa ihlane kwahlongasibi,nokuhlumisa uhlaza, na?

28. Kukhona uyise wemvula na?Ngubani owazala amathonsi amazolo na?

29. Iqhwa lavela esiswini sikabani,nesithwathwa sazalwa ngubani, na?

30. Amanzi ayacasha kungathi ayitshe;ubuso botwa buhlangene.

31. “Ungabopha amaketanga esiLimela,uthukulule izintambo zeMpambano, na?

32. Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo,uhole iBhere* nabantwana balo, na?

33. Uyazazi izimiso zasezulwini,umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?

Ujobe 38