Ujobe 38:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo,nengalo ephakemeyo yaphuliwe.

16. “Wake wangena emithonjeni yolwandle,wahamba phansi otweni, na?

17. Amasango okufa uwavulelwe,wabona amasango ethunzi lokufa, na?

18. Uqondile ububanzi bomhlaba na?Yisho, uma ukwazi konke.

19. “Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya,nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,

Ujobe 38