Ujobe 37:9-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso,namakhaza emimoyeni ehlakazayo.

10. Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane,ububanzi bamanzi buqine.

11. Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama;uyeneka amafu onyazi lwakhe.

12. Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakheukuba enze konke awayalayoebusweni bomhlaba owakhiweyo,

13. awafikise abe luswazi,afike ngenxa yomhlabanoma ngenxa yomusa.

14. “Beka indlebe kulokhu, Jobe;yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.

15. Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani,enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?

16. Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu,izimangaliso zoPhelele olwazini,

17. wena ozingubo zakho zifudumala,lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?

18. Ungeneka isibhakabhaka njengaye,esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?

19. Sifundise ukuthi siyakuthini kuye;asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.

20. Uyakutshelwa ukuthi ngiyakhuluma na?Ukhona yini oshoyo ukuthi makabhubhe na?

21. Manje, abantu abanakukubona ukukhanyaokukhazimula esibhakabhakeni,

22. Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide;uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.

23. USomandla singemqonde;mkhulu ngamandla nangokwahlulela;ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.

Ujobe 37