Ujobe 37:7-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Uyanamathelisa izandla zabantu bonkeukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.

8. Seziya izilwane ezikhundleni zazo,zihlale emihumeni yazo.

9. Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso,namakhaza emimoyeni ehlakazayo.

10. Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane,ububanzi bamanzi buqine.

11. Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama;uyeneka amafu onyazi lwakhe.

12. Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakheukuba enze konke awayalayoebusweni bomhlaba owakhiweyo,

13. awafikise abe luswazi,afike ngenxa yomhlabanoma ngenxa yomusa.

14. “Beka indlebe kulokhu, Jobe;yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.

15. Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani,enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?

16. Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu,izimangaliso zoPhelele olwazini,

Ujobe 37