5. UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo;wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.
6. Ngokuba uthi eqhweni:‘Khithika emhlabeni;’kanjalo nasesihlambini semvula,yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.
7. Uyanamathelisa izandla zabantu bonkeukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.
8. Seziya izilwane ezikhundleni zazo,zihlale emihumeni yazo.
9. Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso,namakhaza emimoyeni ehlakazayo.
10. Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane,ububanzi bamanzi buqine.