Ujobe 37:12-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakheukuba enze konke awayalayoebusweni bomhlaba owakhiweyo,

13. awafikise abe luswazi,afike ngenxa yomhlabanoma ngenxa yomusa.

14. “Beka indlebe kulokhu, Jobe;yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.

15. Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani,enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?

16. Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu,izimangaliso zoPhelele olwazini,

17. wena ozingubo zakho zifudumala,lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?

18. Ungeneka isibhakabhaka njengaye,esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?

19. Sifundise ukuthi siyakuthini kuye;asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.

20. Uyakutshelwa ukuthi ngiyakhuluma na?Ukhona yini oshoyo ukuthi makabhubhe na?

21. Manje, abantu abanakukubona ukukhanyaokukhazimula esibhakabhakeni,

22. Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide;uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.

23. USomandla singemqonde;mkhulu ngamandla nangokwahlulela;ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.

24. Ngalokho abantu bayamesaba;kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”

Ujobe 37