1. “Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami,isuke endaweni yayo.
2. Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe,nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3. Uyakukhipha phansi kwalo lonke izulu,nonyazi lwakhe luya emagumbini omhlaba.
4. Emva kwalo kuduma izwi;uduma ngezwi lobukhosi bakhe;kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.
5. UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo;wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.
6. Ngokuba uthi eqhweni:‘Khithika emhlabeni;’kanjalo nasesihlambini semvula,yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.
7. Uyanamathelisa izandla zabantu bonkeukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.