23. Ngubani ommisele indlela yakhe na?Ngubani ongasho ukuthi:‘Wenzile okubi,’ na?
24. Khumbula ukukhulisa izenzo zakheabahlabelela ngazo abantu.
25. Bonke abantu bayazibona;abokufa bayazibuka besekude.
26. Bheka, uNkulunkulu uphakeme,asimqondi;umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.
27. “Wenyusa amathonsi amanzi,abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;
28. amafu awenza ukuba aconse,awathele phezu kwabantu abaningi.
29. Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafunokuduma kwedokodo lakhe na?
30. Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye;uyasibekela ubuphansi bolwandle.