16. “Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi,uye endaweni ebanzi,lapho kungekho kunyinyeka khona,kunone okubekwa etafuleni lakho.
17. Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi;ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.
18. Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa,ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.
19. Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini,nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?
20. Ungafisi ubusuku,lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.
21. Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini,ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.
22. “Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe;ngubani ofundisa njengaye na?
23. Ngubani ommisele indlela yakhe na?Ngubani ongasho ukuthi:‘Wenzile okubi,’ na?
24. Khumbula ukukhulisa izenzo zakheabahlabelela ngazo abantu.
25. Bonke abantu bayazibona;abokufa bayazibuka besekude.
26. Bheka, uNkulunkulu uphakeme,asimqondi;umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.
27. “Wenyusa amathonsi amanzi,abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;
28. amafu awenza ukuba aconse,awathele phezu kwabantu abaningi.
29. Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafunokuduma kwedokodo lakhe na?
30. Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye;uyasibekela ubuphansi bolwandle.
31. Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu,aphane kakhulu ngokudla.
32. Uyasibekela izandla zakhe ngokukhanya,akuyale ukuba kushaye isigcibisholo.