Ujobe 36:14-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Bafa besebasha,ukuphila kwabo kube njengokwezifebe zethempeli.

15. Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe,avule indlebe yabo ngokuhlupheka.

16. “Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi,uye endaweni ebanzi,lapho kungekho kunyinyeka khona,kunone okubekwa etafuleni lakho.

17. Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi;ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.

18. Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa,ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.

19. Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini,nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?

20. Ungafisi ubusuku,lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.

21. Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini,ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.

22. “Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe;ngubani ofundisa njengaye na?

23. Ngubani ommisele indlela yakhe na?Ngubani ongasho ukuthi:‘Wenzile okubi,’ na?

24. Khumbula ukukhulisa izenzo zakheabahlabelela ngazo abantu.

25. Bonke abantu bayazibona;abokufa bayazibuka besekude.

26. Bheka, uNkulunkulu uphakeme,asimqondi;umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.

Ujobe 36