Ujobe 36:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Elihu waqhubeka wathi:

2. “Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa,ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.

3. Ngiyakulanda kude ulwazi lwami,nginike uMenzi wami ukulunga.

4. Impela amazwi ami awasiwo amanga;unawe ophelele ekwazini.

5. “Bheka, uNkulunkulu unamandla,kepha kadeleli muntu;mkhulu emandleni okuqonda.

6. Akenzi ukuba omubi aphile,kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.

7. Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo,kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi,baphakame kuze kube phakade.

8. Uma beboshwa ngamaketanga,babanjwe ngezintambo zokuhlupheka,

Ujobe 36