1. U-Elihu waqhubeka wathi:
2. “Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa,ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.
3. Ngiyakulanda kude ulwazi lwami,nginike uMenzi wami ukulunga.
4. Impela amazwi ami awasiwo amanga;unawe ophelele ekwazini.
5. “Bheka, uNkulunkulu unamandla,kepha kadeleli muntu;mkhulu emandleni okuqonda.
6. Akenzi ukuba omubi aphile,kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.
7. Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo,kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi,baphakame kuze kube phakade.
8. Uma beboshwa ngamaketanga,babanjwe ngezintambo zokuhlupheka,